Inkulumo yokuvala kaMongameli we-African National Congress, uThabo Mbeki, Ku-National General Council yesibili ye-ANC ETshwane

3 July 2005

Sihlalo,
Sekela Mongameli,
Malunga esiGungu esiPhezulu sikaZwelonke,
Maqabane azithunywa:

Sesiseduzane nokuvala uMkhandlu kazwelonke i-National General Council yesibili. Egameni lesiGungu esiPhezulu sikaZwelonke, zithunywa, kanye nombutho wonkana, Ngithanda ukubonga uPrinsipali (uMphathi) weNyuvesi yasePitoli, uProfesa Callie Pistorius, i-staff, abafundi, kanye nabasebenzi balesi sikhungo sikazwelonke semfundo esiyifa likazwelonke, ngakho konke abakwenzile okufake esivivaneni kakhulu ekwenzeni ukuthi iNational General Council yethu ibe yimpumelelo.

Sonke siye salalelisisa ngokucophelela kulokho okushiwo nguProfesa Pistorius, lapho esamukela kule Nyuvesi ngoLwesine. Uye wanikeza umlayezo ongangabazisi obonise indima yalesi sikhungo esibalulekile kwezemfundo, ukufundisa kanye nocwaningo njengesikhungo esisebenzela izinguquko, esizimisele kumsebenzi wokwakha isizwe esinqobayo, izigidi-gidi zabantu bakithi abazimisele ngakho.

Lokhu kusinikeze isiqalo esihle emsebenzini obekumele siwenze kule-General Council, ukubhekana nezinyathelo iANC okumele izithathe, ukuthela esivivaneni sokwakha isizwe esinqobayo njengoba izigidi-gidi zabantu bakithi bezimisele ngaso.

Nginesiqiniseko sokuthi iNational General Council izovumelana nami, lapho ngithi uma sishicilela amadokhumende (imiqulu) yeNational General Council, kumele sifakele nenkulumo enikezwe nguProfesa Callie Pistorius efakele ugqozi.

Njengoba siphetha umsebenzi wethu, kanye nokukhulumela egameni lesiGungu esiPhezulu sikaZwelonke, kanye nasegameni lami uqobo, Ngithanda ukubonga kakhulu izithunywa ngokuzimisela kwazo okujulile ngendlela ezibhekane ngayo nomsebenzi we-NGC.

Amadokhumende esiwamukelile, abandakanya iDiklareshini (isimemezelo sokuzimisela), abeka ngokucacile imisebenzi okumele sibhekane nayo. Inselele esibhekane nayo, kuzoba wukulandela kahle zonke izinqumo esizithathile, ngokuqaphela imisebenzi esemahlombe ethu kulizwe lethu kanye nakubantu bakithi.

Phakathi kokunye, amadokhumende, amaqondana nokuhleleka kweNhlangano, esiwamukele ngokosiko, abandakanya okubalulekile okulandelayo:

"Idiklareshini etholakala kusigaba 4.15 soMthethosisekelo (we-ANC), kumele ibe yingxenye yefomu lobulunga, kanti amalunga amasha kumele athathe lesi sifungo lapho ejoyina inhlangano." Ngiyethemba sonke sizothatha inyathelo ngokuphuthumayo ukulandela lesi sinqumo se-National General Council yethu.

Izithunywa zazi kahle kamhlophe ukuthi sithini lesi sifungo, Isigaba 4.15 soMthethosisekelo, nangaphandle kokunye, Ngiqoke ukucaphuna lesi sifungo ngokugcwele kuNkulumo yami yokuVula. Ngicela ukuthi ngiphinde ngisifunde futhi lesi sifungo.

"Ngifunga ngokuzithoba ukuthi ngizolandela zonke izinhloso nezinjongo ze-African National Congress, njengoba zibekiwe kuMthethosisekelo, iFreedom Charter kanye neminye imigomo eyamukelwe ngokufanele,

" ukuthi ngijoyina inhlangano ngokuzithandela futhi ngingenanjongo yokuba kusimo esingcono sokuzitholela umcebo noma ukuzizuzela mina ngokwami uqobo,

"ukuthi ngivuma ukuhlonipha uMthethosisekelo kanye nezakhiwo, kanye nokusebenza njengelunga eliqotho lenhlangano,

"ukuthi ngizosebenzisa onke amandla ami kanye namakhono ami kwinhlangano, kanye nokwenza yonke imisebenzi enginikezwa yona,

"ukuthi ngizosebenzela ukwenza iANC ibe yithuluzi elibukhali lenkululeko elisezandleni zabantu,

"nokuthi ngizovikela ubunye kanye nobuqotho benhlangano kanye nezimiso zayo, kanye nokulwisa noma yiyiphi imikhuba ephazamisayo nehlakaza inhlangano kanye nebanga amaqenjena azigejana zokuphazamisa (factionalism) ."

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, sibhekane nezinto eziningi ezibalulekile kwikusasa lezwe lethu. Ngikholelwa ukuthi lapho sibikela isizwe ngalokho esikunqumile, abantu bakithi bazoba nezizathu zokududuzeka ngokuthi inhlangano enkulukazi neholayo kwezepolitiki ezweni lethu, isazimisele kakhulu ukuqhubela phambili izidingo zabo kanye nokubhekana nezintshiseko zabo.

Ngisho nangaphandle kokuhlala kwingqungquthela, silalele imibiko ngemisebenzi eyenziwe ngamakhomishana ehlukene, Nami, njengamanye amalunga esiGungu esiPhezulu sikazwelonke (iKomiti eliPhezulu likaZwelonke - NEC) ngibe nethuba lokuhambela amanye amaKhomishana.

Ngempela kube yinto engifakele ugqozi kakhulu ukubona iqophelo lezingxoxo zezithunywa, nokukhombisa ukuthi nina njengamaqabane beniwafundile amadokhumende ezingxoxo. Nangaphezu kwalokho, ngikubone ngokucacile ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, benenze imizamo ejulile yokuqondisisa imicikilisho nemininingwane yezinto ebezikuhlelo lwe-NGC, kanye nesimo esikuso ezweni lethu, okumele sisibonelele.

Ngizizwa ngihloniphekile ukuba nethuba lokudlulisela umlayezo wabaholi, kanye nawo wonke umbutho wethu ngemizamo yenu, malunga enhlangano yethu, ngendlela eniziphathe ngayo njengamaqabane oqobo e-African National Congress, okuyinhlangano esebenzela izinguquko zangempela, lezo ezidingwa ngabantu bakithi kanye nenqubo yenkululeko yenqubo yedimokhrasi kazwelonke.

Kuyinto eduduzayo kanye neyenza umuntu aziqhenye ukwazi ukuthi sinamalunga akwazi ukulingisela ngobuqotho amasosha oMkhonto weSizwe, asho athi - sisebenzela abantu baseNingizimu Afrika!

Nginesiqiniseko sokuthi uma silandela lezi zinqumo zentuthuko yamaqabane (cadre development), okuyisinqumo esithathwe ngamaKhomishana abexoxisana ngalesi sihloko esibalulekile, sizophumelela ukwakha iANC ukuthi ibe yinhlangano esebenzela izinguquko zenqubekela phambili, kanye nokubhekana ngqo nezinselele eziphambi kwethu.

Isifungo leso iNational General Council ethe kumele sibe yingxenye yefomu lobulunga, okumele sithathwe ngamalunga amasha lapho ejoyina, sithi, amalunga ethu azimisele "ukusebenzela ukuthi iANC ibe yithuluzi elibukhali lenkululeko elisezandleni zabantu".

Ukufezekisa le njongo, kusho ukuthi, thina malunga eANC, kumele sizibone kanye nokuziphatha njengenxenye yethuluzi elibukhali lenkululeko elisebenzela abantu futhi eliyingxenye nabantu bakithi.

Lokhu kusho ukuthi, kumele sithathe lezi zimiso sizifakele ngaphakathi ezinjulwini zobuthina, ukuthi sijoyina inhlangano ngokuzithandela futhi lokhu singakwenzeli ukuzitholela umcebo noma ukuzizuzela ngokwethu uqobo, njengokusho kwesiFungo.

Ukunqoba kwethu kwengqopha-mlando ngenqubo yedimokhrasi, kubeke umbutho wethu kusikhundla samandla kwezepolitiki. Ukusukela ngo-1994, okwakuwunyaka wama-82 wokuba khona kombutho wethu, abantu bakithi basinika igunya lokuba yiqembu elibusayo.

Ukuba yiqembu elibusayo kusho ukuthi sinemithombo yomcebo wombuso. Kusho ukuthi labo abafuna ukwenza ibhizinisi nombuso kumele baxhumane nalabo abalawula umbuso, amalunga ombutho wethu abasebenzela uhulumeni.

Kusho ukuthi labo bethu abasebenza kuhulumeni banethuba lokwabelana ngezinsiza. Ngakho-ke kusho ukuthi sinethuba lokuthenga abasekeli abanganamathela kithi ngenxa yalo mcebo, ngaphandle kokubonelela nokulandela izimiso ezibalulekile ezingumnyombo we-African National Congress.

Konke lokhu kwenza ulawulo lombuso ukuba yimpahla esemqoka kakhulu. Kwenza ukuthi ubulunga be-ANC kube yindlela elula yokufinyelela kumandla ombuso. Kwenza ukuthi ubulunga be-ANC abanye abantu babubone njengendlela yokungena ngoba befuna ukuzicebisa. Kwenza nokuthi ukusekela iANC ngemali kube yindlela yesango lokungena ukuzozicebisa, ngokwenza amabhizinisi nohulumeni.

Konke lokhu engikushoyo akulona ulwazi olusha kwizithunywa ze-National General Council. Ngenxa yalesi sizathu, iNGC ivume ukuthi kumadokhumende ethu, kumele sikubeke ngokucacile uphikisana kwethu nenkohlakalo (corruption) nokuthi sizimisele ukulwisana nayo.

Izithunywa zikhulume nokusikhumbuza ngezinqumo esazithatha kwiKhomfa kazwelonke (National Conference) yamashumi amahlanu (50) eyayibanjelwe eMafikeng ngo-1997, lapho khona phakathi kwezinye izinto, esathi:

"Inkohlakalo (corruption) ithikameza intuthuko, ngenxa yalokho, yenza ukuthi inhlupheko iqhubeke nokwanda... Inkohlakalo icikela phansi izinjongo zethu zeNkululeko yenqubo yedimokhrasi kazwelonke."

Ekubhekanani nalokhu, iNGC manje isithathe isinqumo sokuthi sisonke, njengamalunga ka-ANC, kumele sizibophezele ngesizotha ngokulandela isiFungo, ukuthi "sizolandela izinhloso nezinjongo ze-African National Congress njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo, iFreedom Charter, kanye neminye imigomo eyamukelwe ngokufanele... ukujoyina inhlangano ngokuzithandela, futhi ngaphandle kwesizathu nembangela yokufuna ukuzenzela umcebo nokuzizuzela thina qogo, kanti futhi sivuma ukuhlonipha uMthethosisekelo kanye nezinye izakhiwo enhlangano... kanye nokusebenza... njengamalunga aqotho enhlangano."

Ezingxoxweni zethu, sikwamukele ngokusobala nobuqotho ukuthi isimo esikuso noma sikwazile ukuba nempumelelo eminyakeni elishumi-nanye (11), kodwa usemningi umsebenzi okusamele sibhekane nawo ngaphambi kokuqeda yonke imiphumela emibi yamakhulu-khulu eminyaka yengcindezelo nempuco yokungokwethu yinqubo yobukoloni kanye nombuso wobandlululo.

KumaKhomishana, izithunywa ziye zenza iziphakamiso eziningi ezinemininingwane ngezinyathelo ezithize okumele zilandelwe ukusheshisisa ukwenza impilo engcono kubo bonke abantu kanye nokwakha isizwe esisimekwe phakathi kwabantu nesinakekela abantu.

La madokhumende abonisa ukuzimisela kombutho wethu ukuhlangabezana nezibopho zawo kubantu bakithi. Achaza izinselele eziningi, iningi labantu abasabhekane nazo - izinselele zenhlupheko, ukusweleka kwemisebenzi, ukusweleka kwentuthuko, ukuswela imihlaba, ukuswela izindlu, izifo, ukuswela ulwazi, ubugebengu kanye nezinye izinto ezisewuhlupho kubantu.

Ngoba sikhathazeka ngokufuna ukuhlangabezana nezidingo zabantu bakithi, abamnyama nabamhlophe, size sathatha nesinqumo sokuthi kumele kesibheke ukuthi ngabe idokhumende yeSu nemaQhinga (Strategy and Tactics) isahambisana yini nezinto ezibalulekile ezivela kuFreedom Charter, ukuthi iNingizimu Afrika ingeyabo bonke abantu abaphila kuyo, abamnyama nabamhlophe.

Le National General Council kanye nezinqumo zayo, ukubaluleka kwayo, kusekelwe wudaba lokuthi lezi zinqumo zizoba nomphumela obalulekile kwikusasa lezwe lethu kanye nabantu bakithi. Kodwa, ngisho noma lezi zinqumo zibonakala zizinhle emaphepheni, iningi labantu bakithi banelungelo lokuthi bangakukholelwa kahle-hle esikushoyo ukuthi ngabe ngempela sizokwenza yini, kuze kufike lapho ababona khona kwenzeka ngempela. Kodwa-ke okuhle wukuthi, abantu bakithi bayaqhubeka nokuba nethemba kakhulu kumbutho wethu.

Njengoba sibuyela emagatsheni ethu, kumarijini ethu nakuzifundazwe (kumaprovinsi), kumele ngezinyathelo zethu, siqhubeke ukukhombisa abantu bakithi ukuthi ukusethemba kwabo akulona ize. Kwezinye izinto, kumele siqinisekise ukuthi sisondelana nokuxhumana kakhulu nabantu bakithi, nokuthi ngazo zonke izikhathi sibhekana nezidingo zabo, kanye nokubagqugquzela ukuba yingxenye yemikhankaso yokwakha kabusha nentuthuko esakhuluma ngakho kuManifesto yoKhetho lwethu olwedlule.

Emlandweni wawo, umbutho wethu ubhekane nezikhathi eziningi ezinzima. Ngaso sonke isikhathi uqhamuka usunamandla kakhulu ngenxa yokuzimisela nobuqotho bawo kuzimiso, ikhono lawo lokuthatha inyathelo ngokuhlanganyela nobunye kanye nokuzimisela kunjongo eyodwa zwi, yokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika.

Njengokufanele, iNational General Council, iveze ukusekela kwayo uSekela Mongameli kulesi sikhathi esibuhlungu nesinzima. Kanti-ke futhi, sigcizelele iphuzu lokuthi kuyinto esemqoka kakhulu ukuthi inqubo yomthetho kumele inikezwe ithuba lokusebenza kanti futhi uSekela Mongameli anikezwe ithuba lokuzivikela nokuziphendulela kuzinsolo abekwa zona.

Sonke simunye ngalezi zimiso, kanti futhi sisingathana naye ekwethembeleni ukuthi inqubo yomthetho ngeke yalibazisa ngokungafanele.

Ngithanda ukuncenga onke amalunga ethu ukuthi ngisikhathi sisalinde isiphetheo senqubo yomthetho, kumele siziphathe ngendlela yesithunzi nesizotha, efanele amalunga kaKhongolose, kanti futhi ngokuhambisana nezinkambiso zombutho wethu abantu abawuhloniphayo, kanti futhi abawuthandayo nabawazisayo.

Kumele sicophelele kakhulu ukuthi singenzi izinto ngendlela ezocikela phansi isithunzi sikaSekela Mongameli kanye ne-ANC. Empeleni kusezikhathini ezinzima nezibuhlungu ezifana nalesi esikuso lapho esibhekana khona nezinselele ezinkulu zokuthi siziphathe njengamalunga aqobo eANC azokwenza onke okusemandleni ukugcina isithunzi nesikhundla senhlangano, ubunye bayo kanye nobumbano lwayo.

I-National General Council isinikeze imisebenzi eminingi. Ikhombise indlela eqonde phambili ekusheshiseni inqubo yokwakha kabusha kanye nentuthuko. Isilayele ukusebenza kanzima ukuqinisa isivumelwano nabantu ukuqhubela phambili umbono we-Freedom Charter. Isiyaleze ukuzimisela ukuqinisa indima okumele siyidlale kumzabalazo osaqhubekayo wokuvuselela iAfrika.

Ingqungquthela ye-NGC isiyalele ukuthi kumele siqaphe nokugada ubunye bombutho, nobunye be-Alayense (boMbimbi lomfelandawonye) njengento ebaluleke neligugu lethu kakhulu kunakho konke. Isiyalele ukuthi siqhubekele phambili sisonke njengombutho obumbene, osebenzela abantu ngokuzinikezela okuphelele, ukusebenzela bonke abantu baseNingizimu Afrika ne-Afrika yonkana, kanye nokusebenzisana nazo zonke ezinye izinhlangano ezisebenzela inqubekela-phambili kuwo wonke amazwe omhlaba.

Isiphetho somsebenzi wethu kwi-National General Council yesibili, kumele kube wuphawu lwesikhathi lapho khona esiqala ngomdlandla omkhulu ukusebenza ngokulandela izinqumo esizithathile. Nginesiqiniseko sokuthi kulokho, ngeke saphoxa okulindelwe yiningi labantu bakithi.

Egameni leKomidi yesiGungu esiPhezulu sikaZwelonke, ngifisela zonke izithunywa uhambo oluphephile emakhaya kanye nokuvala ngokosiko iNational General Council yesibili.

Amandla!