| |
- UKhongolose (u-ANC) uyinhlangano noma umbuthano olwela amalungelo
aso sonke isizwe. Inhlangano kaKhongolose (u-ANC) yasungulwa ngonyaka
ka 1912 ukuze ihlanganise onke ama-Afrika kanye nokuba ngumholi kumzabalazo
wezinguquko ezijulile kwezombusazwe, izinguquko ezimpilweni zabantu
kanye nakwezomnotho.
- Iminyaka engamashumi ayisishayagalolunye (90) uKhongolose ehola umzabalazo
wokulwa nobandlululo ngokwebala, kanye nokulwa nengcindezelo, futhi
igqugquzela abantu ngobuningi ukungenela kumkhankaso wokulwa nobandlululo,
kanye nokugqugquzela amazwe ngaphandle ukusekela umzabalazo kanye nokuqala
umzabalazo wezikhali wokulwa nombuso wobandlululo.
- I-ANC yanqoba ngokuyingqayizivele okhethweni lwenqubo yentando yeningi
lango 1994, lapho yathola khona igunya elinqala nelinzulu lokungenela
izingxoxo ngoMthethosisekelo omusha wentando yeningi eNingizimu Afrika.
Umthethosisekelo omusha wamukelwa ngonyaka ka 1996.
- I-ANC yabuye yakhethwa futhi okhethweni lukazwelonke kanye nolwezifundazwe
lwangonyaka ka 1999, lapho eyathola khona igunya lokubusa lezinga eliphezulu.
- Imigomo ye-ANC ibekwa ngamalunga kanye nabaholi, abachaza inqubo yomsebenzi
kumalunga.
- Ubulunga be-ANC buvuleleke kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika
ezineminyaka engu 18 nengaphezulu, izakhamizi zazo zonke izinhlanga,
imibala, kanye nezinkolo inqobo nje uma zamukela izimiso (principles),
imigomo kanye nezinhlelo zika-ANC.
NGABE YINI IZINHLOSO NEZINJONGO ZE-ANC (ZIKAKHONGOLOSE)?
- Injongo ebalulekile ka-Khongolose ukwakha isizwe esibumbene nesihlangene,
esinobunye, esingenalo ubandlululo ngokwebala, nangobulili nesiqhuba
ngentando yeningi.
- Lokhu kusho inkululeko yama-Afrika kungcindezelo yezombusazwe kanye
nakwezomnotho. Kanti futhi lokhu kusho ukuthuthukisa izinga lempilo
yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu abampomfu.
- Umzabalazo wokufezekisa lenjongo ubizwa ngokuthi yi-National Democratic
Revolution.
YINI OKUWUMKHOMBANDLELA WEMIGOMO YE-ANC?
Umqulu wamalungelo enkululeko
(i-Freedom Charter), eyamukelwa kwiNgqungquthela yabantu ngonyaka ka 1955,
kuseyiwona Mkhombandlela kaKhongolose (ye-ANC).
Umqulu wamalungelo enkululeko (i-Freedom Charter) uthi:
- Abantu bayobusa
- Zonke izinhlanga zabantu ziyoba namalungelo alinganayo
- Abantu bayokwabelana ngomnotho wezwe
- Abantu abasebenza ngomhlaba bayokwabelana ngawo
- Bonke abantu bayolingana phambi komthetho
- Bonke abantu bayoba namalungelo obuntu
- Kuyoba nemisebenzi kanye nokuvikeleka
- Iminyango yemfundo kanye namasiko iyovuleleka kubo bonke abantu
- Kuyoba nezindlu, ukuvikeleka kanye nokunethezeka
- Kuyoba noxolo nobungani
Ngonyaka ka 1994, i-ANC yamukela nokongamela Uhlelo lweMvuselelo kanye
neNtuthuko i-Reconstruction and Development Programme (RDP), njengesisekelo
semigomo ye-ANC, eyiyona nkombandlela ekuguquleni iNingizimu Afrika. Izinhlelo
ezibalulekile ze-RDP yilezi:
- ukufezekisa izidingo ezibalulekile zabantu
- ukuthuthukisa amakhono abantu
- ukwakha umnotho wezwe
- ukuqikelela ukuqhutshwa kwezinto kumbuso nakusizwe sonkana ngentando
yeningi.
- Ifulegi le-ANC linemibala elinganayo eqondile emnyama, eluhlaza okusatshani,
kanye nesagolide. Uphawu olumnyama lumele abantu baseNingizimu Afrika,
esekuyizizukulwana belwela inkululeko. Umbala oluhlaza umele umhlaba,
okuyiwona obuwondla abantu iminyaka eminingi labho abasuswa khona ngohulumeni
bobukoloni kanye nobandlululo. Kanti igolide limele umcebo ombiwa phansi
kanye nomnotho wemvelo waseNingizimu Afrika, umnotho ongowabantu bonke,
kodwa usetshenziswa idlanzana labamhlophe ukuzizuzela bona bodwa.
- I-logo inomkhonto kanye nehawu, okumele izimpi zokulwela izwe nokulwa
nenqubo yobukoloni kudala eyaphuca abantu imihlaba yabo, kanye nomzabalazo
wezikhali we-ANC, uMkhonto weSizwe kanye nomzabalazo wabantu wesikhathi
eside belwa nobandlululo ngokwebala kanye nengcindezelo. Lomzabalazo
sekuyisikhathi udonsa, ukusukela eNgqungqutheleni Yabantu (Peoples Congress),
eyamukela Umqulu wamalungelo (i-Freedom Charter), kanti futhi owawuluphawu
lokuhlangana kwemiphakathi eyahlukene yabantu baseNingizimu Afrika ilwela
into eyodwa, okuyinkululeko. Kuwuphawu losiko lwe-ANC lobumbano lwezinhlanga
ezehlukene, eNingizimu Afrika. Inqindi ebambe umkhonto, imele amandla
abantu ababumbene emzabalazweni wokuthuthukisa izimpilo zabo.
- Isiqubulo se-ANC esithi, Amandla ngawethu noma Matla ke ya rona, sisho
ukuthi amandla awabe kubantu, kanti lokhu kususelwa kusidingo esinqala
se-Freedom Charter esithi, Abantu Bayobusa. Yisitatimende se-ANC sokuzimisela
ukwakha kanye nokuzinzisa inqubo yentando yeningi, kanye nokubamba kwabantu
iqhaza emzabalazweni wokuthuthukisa izimpilo zabo.
NGABE YINI IMISEBENZI YELUNGA LE-ANC?
Izinto nezimiso ezibalulekile zelunga le-ANC zibandakanya okulandelayo:
- Ukuzithoba kanye nokuzinikela ngokuphelele emzabalazweni wokulwela
izwe elingenabandlululo ngokwebala, ubulili kanye neliqhuba ngentando
yeningi,
- Ukuzinikela ekusebenzeleni izifiso kanye nezidingo zabantu, izinto
ezitholakala kumgomo wokubeka abantu phambili we-Batho Pele (Abantu
Kuqala),
- Ukuzimisela ukuqhuba izinto ngokulandela imigomo yenhlangano kanye
nezinqumo ezithathwa yiningi ngobunye.
Amalunga ka-ANC alindeleke ukuthi:
- Abe ngamalunga amagatsha e-ANC, akhokhele imali yobulunga kanye nokusiza
ekwakheni i-ANC,
- Ukubamba iqhaza elibonakalayo ezingxoxweni, ekubunjweni kwemigomo
kanye nasekusetshenzisweni kwemigomo kanye nezinhlelo ze-ANC,
- Ukwamukela kanye nokuvikela izinqumo zezakhiwo ezifanele zenhlangano,
- Ukwakha ubunye nobumbano kanye nenqubo yokulandela intando yeningi
enhlanganweni, ukulwa nenkohlakalo kanye nokuvuna izihlobo, kanye nokulwa
nokubangwa koqhekeko olubangwa izigejana enhlanganweni,
- Ukulwa nenqubo yobandlululo ngebala, ubandlululo ngokobuhlanga, ubandlululo
ngokobulili, inkolo kanye nokungabekezelelani kwezombusazwe, kanye nokulwa
nanoma iyiphi inhlobo yobandlululo noqhekeko,
- Ahlale enolwazi ngezombusazwe kanye nezinye izinto eziqhubekayo, kanye
nokuthuthukisa amakhono abo njengengxenye yokuqhubekela phambili nokufunda
kuyo yonke impilo yomuntu,
- Ukuhlala bexhumene nabantu kanye nokudlala indima ebonakalayo ezindabeni
zemiphakathi, kanye
- Nokuziphatha ngendlela eyisibonelo esihle nsuku zonke, kanye nokungasebenzisi
izikhundla ukuzizuzela ngokwabo, ukuzicebisa kanye nokuzibonelela ziqu
zabo.
NGABE YINI IZAKHIWO ZE-ANC?
- Igatsha yisona sakhiwo esiyisisekelo nempande ye-ANC, lapho
amalunga okumele abambe khona iqhaza emisebenzini ye-ANC kanye nezingxoxo
ngezombusazwe. Igatsha yilona eliyiso nezindlebe zomphakathi, elimele
izidingo zomphakathi, kanye nokuba yiwona mnyombo maqondana nezidingo
nezifiso zomphakathi, kanye nokugqugquzela imiphakathi ukuze isebenzele
intuthuko ezindaweni. Igatsha negatsha likhetha ikomiti eliphezulu legatsha
(Branch Executive Committe) eMhlanganweni KaWonke-wonke wonyaka (Annual
General Meeting).
- Ikomidi eliphezulu lesiFunda (i-Regional Executive Committee-REC)
likhethwa kwiNgqungquthela yesiFunda njalo eminyakeni emibili, ngabameli
bamagatsha kusiFunda.
- Ikomiti eliphezulu kusiFundazwe (Provincial Executive Committee-
PEC), likhethwa njalo eNgqungqutheleni yesiFundazwe eminyakeni emithathu,
likhethwa ngabameli bamagatsha esiFundazweni.
- Ikomidi eliphezulu likaZwelonke
(National Executive Committee-NEC) yisona sakhiwo esiphezulu esithatha
izinqumo ku-ANC phakathi kweziNgqungquthela kanti futhi linomsebenzi
wokuhola inhlangano. Lelikomidi le-NEC, likhethwa njalo eminyakeni emihlanu
eNgqungqutheleni kaZwelonke. I-NEC ikhetha iKomidi elisebenzayo likaZwelonke,
i-National Working Committee (NWC) phakathi kwamalunga eKomidi likaZwelonke,
ukubhekana nemisebenzi yenhlangano yansuku zonke.
- INgqungquthela kaZwelonke (National Conference), ebanjwa njalo
eminyakeni emihlanu, yisona sakhiwo esiphezulu esithatha izinqumo ku-ANC.
Abameli bamagatsha bangamaphesenti angu 90 ezithunywa ezivotayo kwiNgqungquthela
kaZwelonke. Umkhandlu kaZwelonke Kawonke-wonke (National General Council-NGC),
ibanjwa njalo phakathi kweziNgqungquthela zikaZwelonke ukubuyekeza izinhlelo
zenhlangano.
- I-ANC Women's League, isebenza njengenhlangano
ezimele kunhlangano yonkana ye-ANC. Injongo yayo enkulu wukuqhubela
phambili nokulwela amalungelo abesimame kuzo zonke izinhlobo zengcindezelo
kanye nokuqinisekisa ukuthi abesimame badlala indima ebalulekile enhlanganweni.
Ubulunga be-Women's League buvuleleke kubo bonke abesimame abangamalunga
e-ANC.
- I-ANC Youth League, nayo isebenza
njengenhlangano ezimele, enenhloso yokuhlanganisa kanye nokuhola abasha
ekubhekaneni nezinkinga zabo, kanye nokuqinisekisa ukuthi intsha idlala
indima egcwele nejulile kumisebenzi ye-ANC. Ubulunga be-Youth League,
buvuleleke kubo bonke abantu abaneminyaka ephakathi kuka 14 no 35.
NGABE BUYINI UBUDLELWANO OBUNXA-NTATHU (TRIPARTATE ALLIANCE)?
I-ANC inombimbi noma umfelandawonye nenhlangano yamakhomanisi, i-South
African Communist Party (SACP), kanye noKhongolose wabasebenzi i-Congress
of South African Trade Unions (COSATU). Ingxenye nengxenye yombimbi
iyinhlangano ezimele, enomthethosisekelo wayo, amalunga ayo kanye nezinhlelo
zayo. Umbimbi lwakhelwe phansi kwezinjongo ezifanayo, zeNational Democratic
Revolution, kanye nokuhlanganisa imikhakha ehlukene yabantu baseNingizimu
Afrika ngaphansi kwalezinjongo.
NGABE ITHOLAKALA KUPHI I-ANC
Amagatsha e-ANC atholakala kumadolobhakazi amakhulu, emadolobheni, kanye
nasezindaweni zasemakhaya eNingizimu Afrika. I-ANC inekomkhulu
likazwelonke, amahhovisi eziFundazwe
ayisishiyagalolunye kanye namahhovisi
eziFunda. |